Isigaba se 132 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
132. ImiKhandlu Ephethe
- UMkhandlu Omkhulu isifundazwe wakhiwe uNdunankulu kanye namalungu angengaphezulu kwayi 10 aqokwe nguNdunankulu ngokulandela lesi sigaba.
- Iqembu elinezihlalo ezingamaphesenti ayi 10 okungenani kusishayamthetho sesifundazwe nelinqume ukuzimbandakanya kuhulumeni wobumbano lwesizwe, linegunya lokunikwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu zoMkhandlu Omkhulu ngokulingana nenani lezihlalo elinazo kusishayamthetho okuncike enanini lezihlalo zamanye amaqembu abambe iqhaza kusishayamthetho.
- Izikhundla eMkhandlwini Omkhulu kufanele zabelwe amaqembu abambe iqhaza ngokulandela indlela yokubala efanayo nesesigabeni sama 91(9), futhi uma kusetshenziswa leyo ndlela ukuphawula okukuleso sigaba –
- ngeKhabhinethi, kufanele kufundwe njengokubhekisa eMkhandlwini Omkhulu;
- ngoNgqongqoshe, kufanele kufundwe njengokubhekisa elungwini loMkhandlu Omkhulu; kanye
- nangesiGungu Sikazwelonke, kufanele ufundwe ngokubhekisa kusishayamthetho sesifundazwe.
- UNdunankulu wesifundazwe kufanele, ngemuva kokubonisana nabaholi bamaqembu abamba iqhaza –
- anqume izikhundla ezibaluliwe ezizonikezwa amaqembu afanele abamba iqhaza ngokulandela inani lezikhundla azinikezwe ngokwesigatshana sesi (3);
- aqoke ngokwesikhundla ngasinye, ilungu lesishayamthetho elimele iqembu elinikezwe isikhundla ngokwendima (a), njengelungu loMkhandlu Omkhulu elibhekene naleso sikhundla;
- uma kuba nesidingo ngenxa yezinhloso zomthethosisekelo noma ngenxa yokubonelela ukuphatha ngendlela elungile, ahlukanise noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwendima (a); kuye ngesigatshana sesi (3);
- aphelise noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwendima (b) –
- uma uNdunankulu eceliwe ukwenze njalo ngumholi weqembu okungukuthi ilungu lelo okukhulunywa ngalo liyilungu loMkhandlu Omkhulu; noma
- uma kuba nesidingo ngenxa yezinhloso zomthethosisekelo noma ngenxa yokuphatha okulungile; noma
- agcwalise, uma kunesidingo, ngokwesigaba (b); isikhundla ehhovisi lelungu loMkhandlu Omkhulu.
- Isigatshana sesi (4) kufanele sisetshenziswe ngomoya ongaphakathi komqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe, kanti futhi uNdunankulu nabanye asebenza nabo abathintekile kufanele ukuthi ekusetshenzisweni kwesigatshana leso, baphokophela ukufinyelela ekuvumelaneni ngezikhathi zonke: ngaphandle uma kungafinyelelwa ekuvumelaneni mayelana –
- nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (a), (c) noma (d)(ii) yaleso sigatshana, isinqumo sikaNdunankulu siyasetshenziswa;
- nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (b),(d)(i) noma (e) yesigatshana esithinta umuntu ongelona ilungu leqembu likaNdunankulu, isinqumo somholi weqembu lowo muntu ayilungu lalo siyasetshenziswa; kanye
- nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (b) noma (e) yaleso sigatshana esithinta umuntu oyilungu leqembu likaNdunankulu, isinqumo sikaNdunankulu siyasetshenziswa.
- Uma noma yikuphi ukunqunywa kokunikezwa kwezikhundla kuguqulwa ngokwesigatshana sesi 4(c), amalungu athintekayo kufanele ashiye izikhundla zawo kodwa avumelekile, lapho kunesidingo khona, ukuba aqokwe kabusha kwezinye izikhundla ezinikezwe amaqembu awo ngokwesinqumo esiguquliwe.
- Imihlangano yoMkhandlu Omkhulu kufanele yenganyelwe nguNdunankulu Wesifundazwe.
- UMkhandlu Omkhulu kufanele usebenze ngendlela ecabangela umoya wokufuna ukuvumelana oqukethwe kuhulumeni wobumbano lwesizwe, kanye nangokwesidingo sikahulumeni osebenza ngempumelelo.
Isigaba se 136 soMthethosisekelo omusha sithathwa njengesiqukethe lezi zigatshana ezenezezelwe:
- Amalungu oMkhandlu Omkhuluu anesibopho ilungu ngalinye kuNdunankulu nakusishayamthetho sesifundazwe ngokuphathwa kwezikhundla zawo, kanti futhi wonke amalungu oMkhandlu Omkhulu ngokufanayo, anesibopho njengembumba mayelana nokwenziwa komsebenzi kahulumeni wesifundazwe kanye nangemigomo yakhe.
- Amalungu oMkhandlu Omkhulu kufanele engamele izikhundla zawo ngokulandela inqubomgomo ekhishwe nguMkhandlu.
- Uma ilungu loMkhandlu Omkhulu lehluleka ukuphatha isikhundla salo ngokulandela inqubomgomo yoMkhandlu, uNdunankulu angaba nesidingo sokuba acele ilungu elithintekile ukuba liphathe isikhundla salo ngokuhambisana nenqubomgomo leyo.
- Uma ilungu elithintekile lehluleka ukuhambisana nesidingo sikaNdunankulu esingaphansi kwesigatshana sesi-(5), uNdunankulu angalisusa lelo lungu esikhundleni ngemuva kokubonisana nalo, kanti uma ilungu lingelona eleqembu likaNdunankulu noma lingeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, nangemuva kokubonisana nomholi weqembu lelungu lelo.