Isheduli 6: Amalungiselelo Esikhashana
[Isheduli yesi 6 ichibiyelwe yisigaba sesi 3 soMthetho Wokuqala Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1997, nayisigaba sesi 5 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998 kanye nayisigaba sama 20 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
1. Izincazelo
- Kule Sheduli, ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo —
“isabelo” kushiwo ingxenye yeRiphabhuliki, eyayithathwa njengendawo ezimele noma ezibusayo ngomthetho waseNingizimu Afrika, ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo wangaphambili uqale ukusebenza;
“uMthethosisekelo omusha” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika we 1996;
“imithetho yohlelo oludala” kushiwo imithetho eyashaywa ngaphambi kokuba uMthethosisekelo ongaphambi kwalo uqale ukusebenza;
“UMthethosisekelo owandulela lo” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, we 1993 (uMthetho wama 200 we 1993).
2. Ukuqhubeka kwemithetho esikhona
- Wonke umthetho owawusebenza uma uMthethosisekelo omusha uqala
ukusebenza uyaqhubeka nokusebenza, kodwa kuye ngokuthi –
- uchishiyelwe noma ususiwe yini; kanye
- nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
- Umthetho wohlelo oludala oqhubeka ukusebenza ngokwephuzwana loku 1 –
- awunakusetshenziswa okubanzi, ngokwendawo nangayiphi enye
indlela, kunngesikhathi sangaphambili kokuthi uMthethosisekelo
ongaphambi kwalona uqale ukusebenza ngaphandle kwalapho uye
waguqulwa ukuze usebenze kabanzana; futhi
- Uyaqhubeka nokuphathwa yilezo ziphathimandla ezaziwuphethe
ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ngendlela
ephawulwe nguMthethosisekelo omusha.
3. Ukuhunyushwa komthetho okhona
- Ngaphandle kwalapho kungahambisani nalokho okuhlosiwe noma
ngokucacile okungafanele, okushiwo kunoma yimuphi umthetho owawukhona
lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza –
- kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika noma ngesabelo(ngaphandle
kwalapho ukhuluma ngendawo engeyabathile), kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma ngeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
- kuPhalamende, esiGungwini Sikazwelonke noma eMkhandlwini weziGele
kufanele kuthathwe ngokuthi usho iPhalamende, isiGungu Sikazwelonke
noma uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke ngaphansi koMthethosisekelo
omusha;
- kuMongameli, iPhini Eliphethe LikaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini
LikaNgqongqoshe noma iKhabhinethi, kufanele kuthathwe ngokuthi
ukhuluma ngoMongameli, iPhini LikaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini
LikaNgqongqoshe noma iKhabhinethi ngaphansi koMthethosisekelo
omusha, kulawulwe yiphuzu lesi 9 lale Sheduli;
- kuMongameli Womkhandlu Wezigele, kufanele kuthathwe ngokuthi
ukhuluma ngoSihlalo woMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke;
- kusishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu noma ilungu
loMkhandlu Omkhulu wesifundazwe kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma
ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu Omkhulu noma ilungu loMkhandlu Omkhulu ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kulawulwe yiphuzu u 12 lale Sheduli; noma
- ngolimi noma izilimi ezisemthethweni, kufanele kuthathwe ngokuthi
ukhuluma nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni ngaphansi
koMthethosisekelo omusha.
- Ngaphandle uma kungahambisani nokuhlosiwe noma kungafanele
ngokucacileyo, okushiwoyo kunoma yimuphi umthetho wohlelo lwakudala
–
- kuPhalamende, eNdlini yePhalamende noma umkhandlu wokushaya imithetho, noma inhlangano yeRiphabhuliki noma yesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma –
- ngePhalamende ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa
kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo
ongaphambi kwalona noma le Sheduli emkhandlwini ophethe kazwelonke; noma
- ngesishayamthetho sesifundazwe, uma ukuphathwa kwalowo mthetho
kwabelwe noma kunikezelwe, ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona
noma kwale Sheduli emkhandlwini ophethe wesifundazwe; noma
- kuMongameli Wezwe, uNgqongqoshe oMkhulu, uMlawuli noma omunye
umphathi omkhulu, iKhabhinethi, uMkhandlu WoNgqongqoshe noma
umkhandlu ophethe weRiphabhuliki noma wesabelo, kufanele kuthathwe
ngokuthi kukhulunywa–
1. ngoMongameli ngaphansi komthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa
kwalo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo
ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli emkhandlwini ophethe
kazwelonke; noma
1. ngoNdunankulu wesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha,
uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe
ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli
emkhandlwini ophethe wesifundazwe.
4. Isigungu Sikazwelonke
- Noma yimuphi umuntu owabe eyilungu noma owabe esesikhundleni
sesiGungu Sikazwelonke lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,
uba yilungu noma umphathisikhundla esiGungwini Sikazwelonke ngaphansi
koMthethosisekelo omusha, futhi uphatha isikhundla njengelungu noma
umphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha.
- IsiGungu Sikazwelonke njengoba sakhiwe ngokwephuzwana loku (1),
kufanele sithathwe ngokuthi singokhethwe ngaphansi koMthethosisekelo
omusha sikhethelwa isikhathi esiphela mhla zi 30 Ephreli 1999.
- IsiGungu Sikazwelonke sakhiwe ngamalungu angama 400 esikhathini
esiphela mhla zi 30 Ephreli 1999, kuye ngesigaba sama 49(4)
soMthethosisekelo omusha.
- Imitheshwana nemiyalo yesiGungu Sikazwelonke ebisebenza ngesikhathi
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, iyaqhubeka nokusebenza,
kodwa kuye ngokuchibiyela noma yikuphi noma ukupheliswa.
5. Umsebenzi ongaqedwanga ophambi kwePhalamende
- Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kwePhalamende lapho
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uqhutshekwe
ngokoMthethosisekelo omusha.
- Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kweziGele lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uyiswe kuMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, futhi uMkhandlu kufanele uqhubeke nalowo msebenzi ngokoMthethosisekelo omusha.
6. Ukukhethwa kwesigungu Sikazwelonke
- Kungebanjwe ukhetho lesiGungu Sikazwelonke ngaphambi kwamhla zi 30
Ephreli 1999 ngaphandle kwalapho uMkhandlu uhlakazwa njengokubeka
kwesigaba sama 50(2) ngemuva kokuthathwa kwesinqumo sokungamethembi
uMongameli ngokwesigaba se 102(2) soMthethosisekelo omusha.
- Isigaba sama 50(1) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube
mhla zi 30 Ephreli 1999.
- Ngaphandle kokupheliswa koMthethosisekelo ongaphambi kwalona,
iSheduli yesi-2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba ichitshiyelwe
yisijobelelo A sale Sheduli, iyasebenza –
- okhethweni lokuqala lesigungu Sikazwelonke ngaphansi
koMthethosisekelo omusha;
- ekulahlekelweni ubulungu besiGungu ezimweni ezingaphandle
kwezihlinzekelwe esigabeni sama 47(3) soMthethosisekelo omusha;
kanye
- nasekugcwaliseni izikhala esiGungwini, nokugcwaliselwa, ukuhlolwa
kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zeqembu ukuze kugcwaliswe
izikhala, kuze kube ukhetho lwesibili lesiGungu ngaphansi
koMthethosisekelo omusha.
- Isigaba sama 47(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube
wukhetho lwesibili lesigungu Sikazwelonke ngaphansi
koMthethosisekelo omusha.
7. UMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke
- Esikhathini esiphela masishane ngaphambi kokuhlala komhlangano
wokuqala wesishayamthetho sesifundazwe obanjwe ngemuva kokhetho lwaso
lokuqala ngaphansi koMthethosisekelo omusha –
- ubungako bokumelwa yizithunywa ezimele amaqembu ethimbeni
lezithunywa lesifundazwe eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke
kufanele kufane nobungako bezigele eziyi 10 zesifundazwe
ezaziphakanyiswe ngokwesigaba 48 soMthethosisekelo ongaphambi
kwalona; futhi
-
ukwabelwa kwezithunywa ezisezikhundleni unomphela kanye nezithunywa
ezikhethekile emaqenjini amelwe kusishayamthetho sesifundazwe,
kunjengokulandelayo -
Isifundazwe |
Izithunywa Ezisesikhundleni Unomphela |
Izithunywa Ezikhethekile |
1. IMpumalanga Kapa |
ANC 5, NP 1 |
ANC 4 |
2. IFreyistata |
ANC 4, FF 1, NP 1 |
ANC 4 |
3. Gauteng |
ANC 3, DP 1, FF 1, NP 1 |
ANC 3, NP 1 |
4. KwaZulu-Natali |
ANC 1, DP 1, IFP 3, NP 1 |
ANC 2, IFP 2 |
5. IMpumalanga |
ANC 4, FF 1, NP 1 |
ANC 4 |
6. INyakatho Kapa |
ANC 3, FF 1, NP 2 |
ANC 2, NP 2 |
7. ILimpopo |
ANC 6 |
ANC 4 |
8. Inyakatho-Ntshonalanga |
ANC 4, FF 1, NP 1 |
ANC 4 |
9. INtshonalanga Kapa |
ANC 2, DP 1, NP 3 |
ANC 1, NP 3 |
- Iqembu elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe –
- kufanele liphakamise izithunywa zalo ezisesikhundleni unomphela
phakathi kwabantu ababeyizigele lapho uMthethosisekelo omusha
uqala ukusebenza futhi abangabakhona ukuze basebenze
njengezithunywa ezisezikhundleni unomphela; futhi
- lingaphakamisa abanye abantu njengezithunywa ezisesikhundleni
unomphela kuphela uma kungekho noma kutholakala inani elingenele
lababeyizigele zalo alanele.
- Isishayamthetho sesifundazwe kufanele siqokele esikhundleni
izithunywa zaso ezisesikhundleni unomphela ngokuhambisana namagama
aphakanyiswe ngamaqembu.
- Iphuzwana lesi (2) nelesi (3), asebenza kuphela ekuqokweni kokuqala
kwezithunywa ezisesikhundleni unomphela zoMkhandlu
Wezifundazwe Kazwelonke.
- Isigaba sama 62(1) soMthethosisekelo omusha asisebenzi
ekuphakanyisweni kwamagama nasekuqokelweni esikhundleni
kwababeyizigele njengezithunywa ezisesikhundleni unomphela
ngokwaleli phuzu.
- Imithethwana nemiyalo yeziGele ebisebenza ngesikhathi
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele isetshenziswe
mayelana nemisebenzi yoMkhandlu kaZwelonke kangangoba
ingasetshenziswa, kuye nganoma yikuphi ukuchiyelwa noma ukuchithwa.
8. Ababeyizigele
- Owayeyisigele ongaqokelwanga ukuba yisithunywa esisesikhundleni
unomphela eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke unelungelo lokuba yilungu
eliphelele elingavota lesishayamthetho sesifundazwe leso ayephakanyiswe
kuso njengesigele ngokwesigaba sama 48 somthethosisekelo wangaphambili.
- Uma owayeyisigele ekhetha ukungabi yilungu lesishayamthetho
sesifundazwe lowo muntu uthathwa ngokuthi wesulile esikhundleni
sokuba yisigele ngosuku olwendulela uMthethosisekelo omusha oqale
ngalo ukusebenza.
- Iholo, izibonelelo, kanye nezinzuzo zowayeyisigele oqokelwe
esikhundleni sokuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela noma
njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe azinakuncishiswa ngenxa
yokuqokwa lokho.
9. UMkhandlu Ophethe
- Noma yimuphi umuntu owayenguMongameli, iPhini LikaMongameli
Eliphethe, uNgqongqoshe noma iPhini LikaNgqongqoshe ngaphansi
koMthethosisekelo owendulela lona, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha
uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokoMthethosisekelo
omusha, kodwa ngokulandela okushiwo ephuzwaneni lesi (2).
- Kuze kube mhla zi 30 Ephreli 1999, izigatshana esama 84, sama 89,
sama 90, sama 91, sama 93, nesama 96 zoMthethosisekelo omusha
kufanele zifundwe sengathi zibhalwe kusiJobelelo B sale Sheduli.
- Iphuzwana loku (2), alimvimbeli uNgqongqoshe owayeyisigele
ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ekubeni
aqhubeke njengoNgqongqoshe ophawulwe esigabeni sama 91(1)(a)
soMthethosisekelo omusha, njengoba leso sigaba sisho kusiJobelelo B.
10. Izishayamthetho zezifundazwe
- Noma ngubani owayeyilungu noma eyilungu loMkhandlu Ophethe
wesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,
uyaqhubeka nokuba yilungu noma umphathisikhundla wesishayamthetho saleso
sifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uba sesikhundleni
njengelungu noma njengomphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha
kanye nanoma yimuphi umthethosisekelo wesifundazwe ongaba khona.
- Isishayamthetho sesifundazwe njengoba sakhiwe ngokwephuzwana sesi
(1), kufanele sithathwe ngokuthi sakhethwa ngaphansi
koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela mhla zi 30
Ephreli 1999.
- Kuze kube ngukuphela kwesikhathi sesishayamthetho wesifundazwe mhla
zi 30 Ephreli 1999, futhi kunakwe okushiwo esigabeni 108(4),
isishayamthetho sesifundazwe sakhiwa yinani lamalungu elinqunyelwe
leso sishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona
kanye nenani lababeyizigele ababangamalungu esishayamthetho
ngokwephuzu lesi 8 lale Sheduli.
- Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe ebisebenza
ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza iyaqhubeka
nokusebenza, kuye nganoma yikuphi ukuchibiyelwa noms ukuphelisiwa.
11.Ukhetho lwezishayamthetho zezifundazwe
- Yize uphelisiwe uMthethosisekelo wangaphambili, iSheduli yesi 2
yalowo Mthethosisekelo, njengoba iguqulwe yisiJobelelo A saleyo Sheduli,
iyasebenza –
- okhethweni lokuqala lwesishayamthetho sesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
- ekulahlekelweni ngubulungu besishayamthetho ezimweni ezingezona
ezihlinzekelwe yisigaba se 106(3) soMthethosisekelo omusha; kanye
- nasekugcwaliseni izikhala kusishayamthetho, kanye nokutha indawo,
ukubheka kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zamaqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube yisikhathi sokhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
- Isigaba se 106(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa mayelana nesishayamthetho sesifundazwe kuze kube ukhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
12. Abaphethe izifundazwe
- Noma yimuphi umuntu owayenguNdunankulu noma ilungu loMkhandlu
OPhethe wesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala
ukusebenza, uyaqhubeka futhi aphathe leso sikhundla ngokoMthethosisekelo
omusha kanye nangokomthethosisekelo wesifundazwe ongabekwa, kodwa
ngokuhambisana nephuzwana lesi (2).
- Kuze kube uthathe isikhundla ngaphansi koMthethosisekelo omusha uNdunankulu okhethwe ngemuva kokhetho lokuqala lwesifundazwe, noma isifundazwe size sizishayele umthethosisekelo waso, lokho okwenzeka kuqala kunokunye, isigaba se 132 nese 136 zoMthethosisekelo omusha kufanele zithathwe njengoba zibekwe kusiJobelelo C sale Sheduli.
13. Imithethosisekelo yezifundazwe
Umthethosisekelo owamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza kufanele ulandele isigaba se 143 soMthethosisekelo omusha.
14. Ukunikezelwa kwemithetho ezifundazweni
- Imithetho ephathelene nodaba oluphakathi kwemisebenzi eyenziwayo
ebalwe ohlwini olukuSheduli yesi 4 noma yesi 5 yoMthethosisekelo omusha,
ngesikhathu uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, yayiphethwe
yisiphathimandla phakathi komkhandlu ophethe, inganikezelwa
nguMongameli, ngokwenza isimemezelo, esiya kusiphathimandla esiphakathi
kwabaphethe esifundazweni esiqokwe uMkhandlu Ophethe wesifundazwe.
- Kuze kufike ekutheni kunesidingo sokuthi kunikezelwe umthetho
ngaphansi kwephuzwana loku (1), uMongameli, ngokusebenzisa
isimemezelo –
- angachibiyela noma aphendule umthetho ukuze alawule ukuhunyushwa noma ukusebenza kwawo;
- lapho ukunikezelwa komthetho kungasebenzi kuyo yonke ingxenye yanoma
yimuphi umthetho, angawususa bese ewushaya kabusha, ube noma ungabi
nokucuchibiyela noma ukuphendulwa okuphawulwe endimeni (a), lezo
zimiso okusebenza kuzo ukunikezelwa noma kugcine lapho ukunikezelwa
kusebenza khona kuzo; noma
- angalawula noma yiluphi olunye udaba okunesidingo sokuthi lulawulwe
ngenxa yaloku kunikezelwa, kumbandakanya ukwedluliselwa noma
ukwebolekisa ngabasebenzi, noma ukwedluliselwa kwempahla,
izikweletu, amalungelo kanye nezibopho, eziya noma ezivela
kubaphathi bakazwelonke noma besifundazwe noma kunoma yimuphi
umnyango kahulumeni, ukuphathwa, ezokuphepha noma iyiphi
enye inhlangano.
-
- Ikhophi yesimemezelo ngasinye esikhishwe ngokuku (1) noma kwesi (2),
kufanele inikezwe isiGungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke
Wezifundazwe kungakapheli izinsuku eziyi 10 kushicilelwe isimemezelo.
- Uma kokubili isiGungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Ophethe
ngesinqumo ingasivumeli isimemezelo noma yinoma yisiphi isimiso saso, leso simemezelo noma isimiso siphelelwa yisikhathi, kodwa ngaphandle kokuthikameza –
- ukuba semthethweni kwanoma yini eyenziwe ngokwesimemezelo noma isimiso singakaphelelwa isikhathi; noma
- ilungelo noma isibonelelo esitholiwe noma isibopho noma isikweletu esivele ngaphambi kokuba isimiso siphelelwe isikhathi.
- Uma umthetho unikezelwe ngokwephuzwana loku (1), noma yikuphi
okushiwoyo emthethweni kusiphathimandla esiwuphethe, kufanele
kuthathwe ngokuthi kubhekiswe kusiphathimandla esiwunikezelwe.
- Noma yikuphi ukunikezelwa komthetho ngaphansi kwesigaba sama235(8)
soMthethosisekelo wangaphambili, kumbandakanya noma iyiphi
ukuchibiyelwa, ukuphendulwa noma ukupheliswa nokushaywa kabusha
kwanoma yimuphi umthetho kanye nanoma yisiphi esinye isinyathelo
esithathwe ngaphansi kwaleso sigaba, kuthathwa ngokuthi kwenziwe
ngaphansi kwalesi sigaba.
15. Imithetho esekhona engaphandle kwamandla okushaya umthetho ePhalamende
- Isiphathimandla phakathi kwabaphethe kuzwelonke esengamele noma
yimuphi umthetho owela ngaphandle kwamandla ePhalamende okushaya
imithetho ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, sihlala
sinamandla okwengamela lowo mthetho uze unikezwe isiphathimandla
esiphakathi kwabaphethe isifundazwe ngokwephuzu le 14 lale Sheduli.
- Iphuzwana loku (1), liyeka ukusebenza ngemuva kweminyaka emibili uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.
16. Izinkantolo
- Zonke izinkantolo, kumbandakanya nezinkantolo zabaholi bendabuko,
ezazikhona ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,
ziyaqhubeka nokusebenza nokusebenzisa amandla eziwanikwa yimithetho ezithintayo, futhi noma ngubani ophethe isikhundla njengowenza umsebenzi wezamajaji uyaqhubeka asiphethe leso sikhundla ngokomthetho osebenzayo kuleso sikhundla, kuye –
- noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa kwalowo mthetho; kanye
- nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
-
- Inkantolo yoMthethosisekelo emiswe nguMthethosisekelo wangaphambili
iba yiNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
-
……
[Iphuzwana (b) licishwe yisigaba sama 20(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
-
- INgxenye Yokwedlulisela Amacala yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu
Afrika iba yiNkantolo Enkulu yokwedlulisela amacala ngaphansi
koMthethosisekelo omusha.
-
……
[Iphuzwana (b) licishwe yisigaba sama 20(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
-
- Ingxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo Enkulu yaseNingizimu
Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile
yenkantolo enjenga lena, iba yiNkantolo Ephakeme ngaphansi
koMthethosisekelo omusha kungazange kuguqulwe lutho mayelana namandla
ayo, kube kunakekelwe ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni lesi (6).
- Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla noma othathwa njengosiphethe njengeJaji elinguMongameli, iPhini Lejaji Elingumongameli noma ijaji lenkantolo okukhulunywe ngalo endimeni (a), uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yiJaji elinguMongameli, iPhini Lejaji Elingumongameli noma yijaji lenkantolo efana nalena ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kunakekelwe ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni lesi (6).
- Ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile
kungafanele, uma umthetho noma okwenziwayo kukhuluma –
- ngeNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo
owandulela lona, kufanele kuthathwe njengothi kusho iNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosiselo omusha;
- ngeNgxenye Yokwedlulisela Amacala Yenkantolo Enkulu yaseNingizimu
Afrika, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo eNkulu Yokwedluliselwa
Kwamacala; kanye
- neNgxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo Enkulu yaseNingizimu
Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile
yaleyo nkantolo, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo ePhakeme.
-
- Ngokushesha okungase kwenzeke ngemuva kokuthi uMthethosisekelo
omusha uqalile ukusebenza zonke izinkantolo, kumbandakanya isakhiwo
sazo, ukwakheka kwazo, ukusebenza kanye namandla azo, kanye nayo yonke
imithetho ethintekayo, kufanele ididiyelwe ngenhloso yokumisa uhlelo
lwezinkantolo oluhambisana nezidingo zoMthethosisekelo omusha.
- Ilungu leKhabhinethi elibhekene nokulawulwa kwezobulungiswa, ngemuva kokubonisana neKhomishani Yezemisebenzi Yezinkantolo, kufanele liphathe ukudidiyelwa okucatshangwa endimeni (a).
-
- Noma ngubani osesikhundleni, lapho uMthetho Wokuchibiyelwa
koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we 2001 uqala ukusebenza -
- njengoMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, uba yiJaji Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1) soMthethosisekelo omusha;
- njengePhini Likamongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, uba yiPhini
Lejaji Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1)
soMthethosisekelo omusha.
- njengeJaji Elikhulu, uba nguMongameli wenkantolo Enkulu
Yokwedluliselwa Kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni se
168(1)soMthethosisekelo omusha; futhi
- njengePhini Lejaji Elikhulu, uba yiPhini Likamongameli Wenkantolo
Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni
se 168(1) soMthethosisekelo omusha.
- Yonke imithetho nemitheshwana noma ukuyalela okwenziwe nguMongameli
Wenkantolo Yomthethosisekelo noma yiJaji Elikhulu esebenzayo
ngaphambili nje kokuba uMthetho Wokuchibiyelwa koMthethosisekelo
waseNingizimu Afrika we 2001, uqale ukusebenza, iyaqhubeka isebenze
ize ipheliswe noma iguqulwe.
- Ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile Kungafanele, ukubhekiswa okukunoma yimuphi umthetho noma okwenziwayo okukhuluma ngeJaji Elikhulu noma ngoMongameli Wenkantolo yoMthethosisekelo, kufanele kuthathwe njengokubhekisa eJajini Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1) soMthethosisekelo omusha.
[Iphuzwana lesi (7) lingezwe yisigaba sama 20(b) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]
17. Amacala asalindwe phambi kwezinkantolo
Onke amacala abesephambi kwenkantolo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele edluliswe sengathi uMthethosisekelo omusha awuzange ube khona, ngaphandle kwalapho izidingo zobulungiswa zimisa ukuthi kungabi njalo.
18. Isiphathimandla sokushushisa
- Isigaba se 108 soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka
nokusebenza kuze kuqale ukusebenza uMthetho Wephalamende ocatshangwa
yisigaba se 179 soMthethosisekelo omusha. Leli phuzwana alithikamezi
ukuqokelwa esikhundleni koMqondisi Kazwelonke Wezokushushisa Komphakathi
ngokwesigaba se 179.
- Umshushisi omkhulu ophethe isikhundla ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osetshenziswa kuleso sikhundla, kunakwe iphuzwana loku (1).
19. Izifungo neziqinisekiso
Umuntu oqhubekayo esesikhundleni ngokwale Sheduli futhi othathe isifungo noma owenze isiqinisekiso uma ethatha isikhundla, ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, akaphoqelekile ukuthi aphinde athathe isifungo sesikhundla noma isiqinisekiso ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
20. Ezinye izikhungo zomthethosisekelo
- Kulesi sigaba uma kuthiwa“izikhungo zomthethosisekelo” kushiwo –
- uMvikeli Womphakathi;
-
iKhomishani Yamalungelo Esintu;
[Indima (b) ichibiyelwe yisigaba sesi 4 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]
- IKhomishani Yokulingana Ngokobulili;
- uMcubunguli-Mabhuku oMkhulu Wezimali Zombuso;
- iBhange Elikhulu LaseNingizimu Afrika;
- iKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso;
- iKhomishani Yezokuphathwa Kwezobulungiswa; noma
- iBhodi Yezilimi Zonke ZaseNingizimu Afrika.
- Isikhungo soMthethosisekelo esimiswe ngokoMthethosisekelo owandulela
lona siyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho obhekene nalo, futhi noma
ngubani osesikhundleni njengelungu lekhomishani, ilungu lebhodi
yeBhange Elikhulu noma leBhodi Yezilimi Zonke ZaseNingizimu Afrika,
uMvikeli Womphakathi noma uMcubunguli-Mabhuku Omkhulu Wezimali
Zombuso ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,
uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla,
kunakwe –
- noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukuphelisiwa kwalowo mthetho;
kanye
- nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
- Izigaba se 199(1), sama 200(1),(3) kanye no (5) kuya ku (11) kanye
nesama 201 ukuya kwesama 206 zoMthethosisekelo owandulela lona
ziyaqhubeka zisebenze zize zipheliswe nguMthetho Wephalamende
owemukelwe ngokwesigaba se 75 soMthethosisekelo omusha.
- Amalungu eKhomishani Yezokuphathwa Kwezobulungiswa ephawulwe
esigabeni se 105(1)(h) soMthethosisekelo owendulela lona, ayayeka
ukuba ngamalungu eKhomishani uma sekuqokelwe ezikhundleni amalungu
aphawulwe esigabeni se 178(1)(i) soMthethosisekelo omusha.
-
- UMkhandlu Wezezwe Elizimele LamaBhunu omiswe ngokoMthethosisekelo
owandulela lona uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osebenza kuwo, futhi
noma ngubani osesikhundleni njengelungu loMkhandlu ngesikhathi
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka ngokuba kuleso
sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla, kunakwe –
- noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa kwalowo mthetho; kanye
- nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
- Isigaba se 184A nese 184B(1)(a),(b) no (d) zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zipheliswe nguMthetho Wephalamende owamukelwa ngokwesigaba sama 75 soMthethosisekelo omusha.
21. Ukushaywa komthetho odingwa nguMthethosisekelo omusha
- Lapho uMthethosisekelo omusha udinga ukuthi kushaywe umthetho
kazwelonke noma wesifundazwe, lowo mthetho kufanele ushaywe
yisiphathimandla esifanele singakapheli isikhathi esamukelekile ngemuva
kosuku uMthethosisekelo owaqala ukusebenza ngalo.
- Isigaba se 198(b) soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa kuze
kube sekushaywe umthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
- Isigaba se 199(3)(a) soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa
ngaphambi kokuthi kube sekuphele izinyanga ezintathu ngemuva
kokushaywa komthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
- UMthetho kazwelonke ocatshangwa esigabeni
sama-217(3)soMthethosisekelo omusha kufanele ushaywe kungakapheli
iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala
ngalo ukusebenza, kodwa ukungabikho kwalo mthetho ngalesi sikhathi
akuvimbeli ukuqala kusetshenziswe izinqubomgomo eziphawulwe
esigabeni sama 217(2).
- Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho Wephalamende okuphawulwe ngawo
esigabeni sama 65(2) somthethosisekelo omusha, isishayamthetho
sesifundazwe ngasinye singanquma eyaso inqubo ngokulandela igunya
eligunyazwe izithunywa zaso lokuba livote egameni loMkhandlu
Wezifundazwe Kazwelonke.
- Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho ocatshangwa esigabeni
sama 229(1)(b) soMthethosisekelo omusha, umasipala uzohlala
enamandla okukhokhisa noma iyiphi intela, izimali ezikhokhelwa
okuthile noma izimali ezikhokhela impahla evela kwamanye amazwe
eyayigunyazwe ukuba ikhokhwe ngenkathi uMthethosisekelo
uqala ukusebenza.
22. Ubumbano lwezwe nokubuyisana
- Yize ezinye izimiso zoMthethosisekelo omusha futhi ngaphandle
kokupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona, zonke izimiso
eziphathelene nokuxolelwa kwamacala eziqukethwe kuMthethosisekelo
owandulela lona ngaphansi kwesihloko, “Ubumbano Lwesizwe
Nokubuyisana” zithathwa ngokuthi ziyingxenye yoMthethosisekelo omusha ngezinhloso zoMthetho oGqugquzelela uBumbano Lwesizwe Nokubuyisana we-1995, (uMthetho wama 34 we 1995), njengoba uchibiyelwe, kumbandankanya nezinhloso zokusebenza kwawo.
-
Mayelana nezinhloso zephuzwana loku (1), umhla zi ‘6 Disemba 1993’,
lapho uvela khona ezimisweni zoMthethosisekelo owandulela lona
ngaphansi kwesihloko “Ubumbano Lwesizwe Nokubuyisana”, kufanele
ufundwe njengomhla zi ‘11 Meyi 1994’.
[Iphuzwana lesi (2) lingezwe yisigaba sesi 3 soMthetho Wokuqala Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1997.]
23. UMqulu Wamalungelo
- Umthetho kazwelonke ocatshangwa esigabeni sesi 9(4), sama 32(2),
nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha kufanele zishaywe kungakapheli
iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala
ukusebenza ngalo.
- Kuze kube lapho kushaywa umthetho ocatshangwa esigabeni sama 32(2) nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha –
-
isigaba sama 32(1) kufanele sithathwe ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo -
“(1) Wonke umuntu unelungelo lokuthola lonke ulwazi olusezandleni zombuso noma zanoma iyiphi ingxenye yawo kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, uma lolo lwazi ludingeka ukuze kusetshenziswe noma kuvikelwe noma yiliphi lamalungelo akhe”; futhi
-
isigaba sama 33(1) nesesi (2) kufanele zithathwe ngokuthi zifundeka
ngendlela elandelayo -
“Wonke umuntu unelungelo –
(a) lokuthola izinyathelo ezisemthethweni kwabaphethe lapho noma yimaphi amalungelo abo noma izidingo zabo zithinteka noma zisengozini;
(b) lokuthola izinyathelo ezisemthethweni ezilungile lapho noma yimaphi
amalungelo abo noma amathemba abo afanele ethinteka noma esengozini;
(c) lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zezinyathelo ezisemthethweni
ezithathwe ngabaphethe ezithinta noma yimaphi amalungelo noma
izidingo ngaphandle kwalapho lezo zizathu zimenyezelwe; kanye
(d) nelokuthola izinyathelo kwabaphethe ezifanele uma kuqhathaniswa
nezizathu ezinikiwe zazo lapho amalungelo akhe ethinteka
noma esengozini.”.
- Izigaba sama 32(2) nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha ziphelelwa
isikhathi uma umthetho ocatshangwayo kulezo zigaba ngokulandelana
kwazo, ungashaywa kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku
uMthethosisekelo omusha oqale ukusebenza ngalo.
24. Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso nezikhungo zokuphepha
- Izigaba sama 82(4)(b), sama 215, sama 218(1), sama 219(1), sama 224
ukuya kwesama 228, sama 236(1), (2), (3), (6), (7)(b) nesesi (8),
sama 237(1) nesesi (2)(a) kanye nesama 239(4) nesesi (5) zoMthethosisekelo owandulela lona ziqhubeka ngokusebenza sengathi uMthethosisekelo owandulela lona awupheliswanga, kuye–
- ngokuchibiyela kukulezo zigaba ezibekwe kusiJobelelo D;
- nganoma yikuphi okunye ukuchibiyela noma ukupheliswa kwalezo zigaba
nguMthetho Wephalamende owamukelwe ngokwesigaba sama 75
soMthethosisekelo omusha; futhi
- ngokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
- IKhomishani Yezemisebenzi Yombuso kanye namakhomishani ezifundazwe
emisebenzi yombuso aphawulwe kuSahluko se 13 soMthethosisekelo
owandulela lona, aqhubeka nokusebenza ngokwaleso Sahluko kanye
nomthetho osebenza kuwo sengathi iSahluko asipheliswanga, kuze kube
kususwa iKhomishani namakhomishani ezifundazwe ngokoMthetho
Wephalamende owamukelwe ngokwesigaba sama 75
soMthethosisekelo omusha.
- Ukupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona akuthikamezi noma
yisiphi isimemezelo esikhishwe ngaphansi kwesigaba sama 237(3),
soMthethosisekelo owandulela lona, futhi noma yiziphi izimemezelo
ezifana nalezi ziyaqhubeka nokusebenza, kube kuye –
- nganoma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa; kanye
- nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
25. Izizathu ezinezezelwe zokungavunyelwa ukuba yilungu lesishayamthetho
- Noma yimuphi umuntu, owayedonsa isigwebo sasejele eRiphabhuliki
esingaphezulu kwezinyanga eziyi 12 ngaphandle kokunikezwa ithuba
lenhlawulo yemali, lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza,
akavunyelwe ukuba yilungu lesiGungu kaZwelonke noma
lesishayamthetho sesifundazwe.
- Lokhu kungavunyelwa komuntu ngokwephuzu loku (1) –
- kuyaphela uma isigwebo sibekwa eceleni ngemuva kokwedluliswa
kwecala, noma isigwebo sehlisiwe, ngemuva kokwedluliswa kwecala
saba yisigwebo esingamvimbeli lowo muntu; futhi
- kuyaphela eminyakeni emihlanu ngemuva kokuqedwa kwesigwebo.
26. Uhulumeni wendawo
- Yize kunezimiso zezigaba se-151, se 155, se 156, nese 157
zomthethosisekelo omusha –
-
izimiso zoMthetho Wesikhashana Kahulumeni Wasekhaya, we 1993
(uMthetho wama 209 we 1993), njengoba ungachitshiyelwa noma nini ngumthetho kazwelonke ohambisana noMthethosisekelo omusha, zizohlala zisebenza mayelana noMkhandlu Kamasipala kuze kube kumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu Kamasipala othatha isikhundla salowo Mkhandlu ngenxa yomphumela wokhetho jikelele lokuqala lweMikhandlu Yomasipala ngemuva kokuqala koMthethosisekelo omusha; futhi
[Iphuzwana (a) indawo yalo ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]
-
umholi wendabuko womphakathi olandela indlela yomthetho wendabuko
nohlala emhlabeni osendaweni yomkhandlu wesikhashana wendawo,
yomkhandlu wesikhashana wasemaphandleni noma yomele umkhandlu
wesikhashana, ophawulwe eMthethweni Wesikhashana Kahulumeni
Wasekhaya, we 1993, futhi okhonjwe esigabeni 182 soMthethosisekelo
owandulela lona, unamandla ngokwesikhundla (ex officio) okuba
yilungu lalowo mkhandlu kuze kube uMkhandlu Kamasipala othatha
isikhundla salowo mkhandlu umenyezelwe ngenxa yomphumela wokhetho
jikelele lokuqala lweMikhandlu Yomasipala ngemuva kokuqala
koMthethosisekelo omusha.
[Iphuzwana (b) indawo yalo ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]
-
Isigaba se 245(4) soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuphele ukusebenza kwaleso sigaba. Isigaba se 16(5) nese (6) soMthetho Wesikhashana kaHulumeni Wasekhaya, we 1993, asinakususwa ngaphambi komhla zingama 30 Ephreli 2000.
[Iphuzwana lesi (2) lichibiyelwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 1998.]
27. Ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho Yephalamende neMithetho Yezifundazwe
Izigaba sama 82 nese 124 zoMthethosisekelo omusha azithikamezi ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho Yephalamende noma kweMithetho yesifundazwe eyamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.
28. Ukubhaliswa kwempahla engagudluki yoMbuso
- Ekuvezweni kwesitifiketi yisiphathimandla esifanele sokuthi impahla engagudluki yoMbuso inikezwe uhulumeni othile ngokwesigaba sama-239
soMthethosisekelo owandulela lona, unobhala wamafa kufanele akubhale
lokho noma lezo zivumelwano encwadini efanele yokubhalisa, kumatayitela
noma komunye umbhalo wokubhalisa leyo mpahla engagudluki egameni
lalowo hulumeni.
- Akunanhlawulo, imali ekhokhwayo noma ezinye izindleko ezikhokhwayo
mayelana nokubhaliswa ngokwephuzwana loku (1).