Isahluko 14: Izimiso Ezixubile (231-243)
Umthetho wamazwengamazwe
231. Izivumelwano zamazwe ngamazwe
- Ukuxoxisana nokusayinwa kwazo zonke izivumelwano zamazwe ngamazwe
kungumsebenzi woMkhandlu Ophethe Kazwelonke.
- Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophezela iRiphabhuliki kuphela
ngemuva kokuthi samukelwe ngesinqumo esithathwe ndawo zombili
yiPhalamende kanye noMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, ngaphandle
kwalapho kuyisivumelwano esiphawulwe esigatshaneni sesi-(3).
- Isivumelwano samazwe ngamazwe sohlobo oluphathelene nezobuciko
obuthile, nezokuhambisa kahle imisebenzi noma ezokuphatha, noma
isivumelwano esingadingi ukwemukelwa noma ukwesekwa, esenziwe
nguMkhandlu Ophethe, sibophezela iRiphabhuliki ngaphandle
kokwamukelwa yisiGungu Sikazwelonke noma uMkhandlu Wezifundazwe
Kazwelonke, kodwa kufanele sethulwe phambi kwePhalamende kanye
noMkhandlu kungakedluli ngesikhathi esifanele.
- Noma yisiphi isivumelwano samazwe ngamazwe siba ngumthetho
kuRiphabhuliki uma senziwe umthetho ngokushaywa komthetho
kazwelonke; kodwa isimiso sesivumelwano esizisebenzayo ngokwaso esamukelwe yiPhalamende singumthetho eRiphabhuliki ngaphandle kwalapho siphambene noMthethosisekelo noma uMthetho Wephalamende.
- IRiphabhuliki iboshezelwa yizivumelwano zamazwe ngamazwe
ezazibophelela iRiphabhuliki ngesikhathi uMthethosisekelo
uqala ukusebenza.
232. Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko
Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko ungumthetho kuRiphabhuliki ngaphandle kwalapho ungahambisani noMthethosisekelo noma uMthetho Wephalamende.
233. Ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe
Uma kuhunyushwa noma yimuphi umthetho, yonke inkantolo kufanele ikhethe noma yikuphi ukuhunyushwa komthetho okuhambisana nomthetho wamazwe ngamazwe kunokunye ukuhunyushwa okungahambisani nomthetho wamazwe ngamazwe.
Ezinye izindaba
234. Imiqulu yamaLungelo
Ukuze kujuliswe isiko lenqubo yentando yeningi elimiswe nguMthethosisekelo, iPhalamende lingamukela imiQulu Yamalungelo ehambisana nemibandela yoMthethosisekelo.
235. Ukuzimela
ILungelo labantu baseNingizimu Afrika beboke lokuba bazimele, njengoba kukhonjisiwe kulo Mthethosisekelo, alikuvimbeli, ohlakeni lwaleli lungelo, ukwemukelwa komqondo welungelo lokuzimela kwanoma yimuphi umphakathi ohlanganyele amasiko nolimi olufanayo, endaweni ethile yeRiphabhuliki noma yingayiphi enye indlela, ebekwe ngumthetho kazwelonke.
236. Ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe
Ukuthuthukisa inqubo yentando yeningi yamaqembu ahlukahlukene, imithetho kazwelonke kufanele ihlinzekele ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe abamba iqhaza kuzishayamthetho zikazwelonke nezesifundazwe ngokulingana nangokufaneleka kwawo ngokwamanani.
237. Ukwenziwa kwemisebenzi ngokukhuthala
Zonke izibopho zoMthethosisekelo kufanele zenziwe ngokukhuthala nangokungachithi sikhathi.
238. Ukwenzelwa imisebenzi nokwedluliswa kwamandla okwenza imisebenzi
- Ingxenye kahulumeni ephethe kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni –
- ingedlulisela noma yimaphi amandla noma umsebenzi okumele
usetshenzwe noma wenziwe ngokomthetho kunoma iyiphi enye
ingxenye kahulumeni ephethe, inqobo nje uma ukwedluliselwa
kwamandla nemisebenzi kuhambisana nomthetho ngokokusetshenziswa
kwamandla noma ukwenziwa komsebenzi; noma
- ingasebenzisa noma yimaphi amandla noma yenze noma iyiphi
imisebenzi iyenzela noma iyiphi enye ingxenye kahulumeni ephethe
ngokuthi isebenze ukwenzela abanye umsebenzi noma
yedluliselwe umsebenzi.
239. Izincazelo
-
KuMthethosisekelo, ngaphandle kwalapho isimo sikhombisa okwehlukile -
“umthetho kazwelonke” umbandakanya –
- umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokoMthetho Wephalamende; kanye
- nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza futhi olawulwa nguhulumeni kazwelonke;
“ingxenye yombuso” isho –
- noma yimuphi umnyango wombuso noma wokuphatha emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma kahulumeni wasekhaya; noma
- noma yisiphi esinye isikhungo sokusebenza noma inhlangano –
- esebenzisa amandla noma eyenza umsebenzi ngokoMthethosisekelo
noma umthethosisekelo wesifundazwe; noma
- esebenzisa amandla okusebenza emphakathini noma eyenza umsebenzi
womphakathi ngokwanoma yimuphi umthetho, kodwa ayifaki inkantolo
noma isikhulu sezomthetho;
“umthetho wesifundazwe” umbandakanya –
- umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokomthetho wesifundazwe;
kanye
- nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala
ukusebenza futhi owawulawulwa nguhulumeni wesifundazwe.
240. Ukungahambisani emibhalweni eyahlukene
Uma kukhona ukungahambisani phakathi kwemibhalo eyahlukahlukene yoMthethosisekelo, umbhalo wesiNgisi yiwona osebenzayo.
241. Amalungiselelo esikhashana
ISheduli yesi-6 isebenza okuguqukeni kwaloluhlelo lomthethosisekelo omusha osungulwe yilo Mthethosisekelo, kanye nakunoma yiluphi udaba olungavela mayelana naleyo nguquko.
242. Ukupheliswa kwemithetho
Imithetho ephawulwe kuSheduli yesi 7 iphelisiwe, ngokulandelwa kwesigaba sama 243 kanye noSheduli yesi 6.
243. Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza
- Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthethosisekelo WeRiphabhuliki
YaseNingizimu Afrika, we 1996, futhi uqala ukusebenza masishane
ngokusemandleni ngosuku olubekwe nguMongameli ngokwesimemezelo,
olungenakuba usuku olungemuva komhla zi 1 Julayi 1997.
- UMongameli angabeka izinsuku ezahlukene ngaphambi kosuku olushiwo
esigatshaneni soku (1), mayelana nokuhlinzekela okwehlukene
kwezimiso zoMthethosisekelo.
- Ngaphandle kwalapho kuhloswe ukuthi kwehluke, ukuphawula ngesimiso
soMthethosisekelo esikhathini uMthethosisekelo oqale ukusebenza
ngaso kufanele kuthathwe njengokubhekisa esikhathini leso simiso
esaqala ukusebenza ngaso.
- Uma noma yisiphi isimiso esithile soMthethosisekelo sibekelwe usuku
olwehlukile ngokwesigatshana sesi (2), noma yisiphi isimiso
esihambelana nesoMthethosisekelo WaseNingizimu Afrika we 1993
(uMthetho wama-200 we 1993), ophawulwe esimemezelweni uyapheliswa
ukusuka ngosuku olufanayo.
- Isigaba sama 213, sama 214, sama 215, sama 216, sama-218, sama 226,
sama 227, sama 228, sama 229 nesama 230 zizoqala ukusetshenziswa
mhla zi 1 Januwari 1998, kodwa lokhu akushiyi ngaphandle ukumiswa
ngokwalo Mthethosisekelo komthetho ocatshangwa kunoma yiziphi lezi
zimiso ngaphambi kwalolo suku. Kuze kube yilolo suku noma yiziphi izimiso ezihambisanayo nezenzeka ngenxa yokuthile zoMthethosisekelo WeRephabliki YaseNingizimu Afrika, we 1993, ziyaqhubeka nokusebenza.