Isahluko 12: Abaholi Bendabuko (211–212)
211. Ukuvunywa
- Isikhungo, izinga kanye neqhaza elibanjwa ngubuholi bendabuko,
njengoba kubekwa ngumthetho wamasiko, kuyavunywa, kuphela uma
kuhambisana noMthethosisekelo.
- Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza
kuphela ngokwanoma yimuphi umthetho osetshenziswayo kanye namasiko,
ombandakanya ukuchibiyelwa noma ukuqedwa kwalowo mthetho
noma amasiko.
- Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho
kuyiwona osebenzayo, kuye ngokoMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi
umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko.
212. Iqhaza elibanjwa ngabaholi bendabuko
- Umthetho kazwelonke ungahlinzekela iqhaza lobuholi bendabuko,
njengesikhungo ezingeni lendawo ezindabeni ezithinta
imiphakathi yendawo.
- Ukuze kubhekanwe nezindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza
labaholi bendabuko, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi
elandela uhlelo lomthetho wamasiko –
- umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi bendabuko; futhi
- umthetho kazwelonke ungamisa umkhandlu wabaholi bendabuko.