Isahluko 8: Izinkantolo Nokuphathwa Kwezobulungiswa
165. Igunya lokuphatha umthetho
- Igunya lokuphathwa komthetho waseRiphabhuliki libekwe ezinkantolo.
- Izinkantolo zizimele, futhi zisebenza ngokuholwa kuphela
nguMthethosisekelo nomthetho, okufanele ziwusebenzise ngokungavuni
hlangothi futhi ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ukukhetha.
- Akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele iphazamise
ukusebenza kwezinkantolo.
- Izingxenye zombuso, kufanele zisize futhi zivikele izinkantolo ukuze
ziqinisekise ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi, ukufinyeleleka
kanye nokusebenza ngendlela efanele kwezinkantolo, ngokusebenzisa
umthetho nezinye izinyathelo.
- Umyalo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo sibopha bonke abantu
kanye nezingxenye zombuso ezithintekile.
-
Ijaji Elikhulu liyinhloko yezobulungiswa futhi liqhuba umsebenzi
wokusungula nokuqapha inkambiso namazinga okuqhuba imisebenzi
yezobulungiswa ezinkantolo zonkana.
[Isigatshana sesi (6) singezwe ngesigaba soku 1 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
166. Uhlelo lwezinkantolo
- Izinkantolo yilezi -
- iNkantolo Yomthethosisekelo;
- iNkantolo Enkulu okwedluliselwa kuyo amacala;
- iziNkantolo Ezinkulu zaseNingizimu Afrika, kumbandakanya noma
iyiphi inkantolo enkulu yokwedlulisela amacala engamiswa
nguMthetho Wephalamende ukuze iqule amacala adlulisiwe avela
eziNkantolo ezisezingeni elifanayo neleziNkantolo Eziphakeme
zaseNingizimu Afrika;
- iziNkantolo Zomantshi; kanye
- nanoma yiziphi ezinye izinkantolo ezimisiwe noma ezamukelwe
ngokoMthetho Wephalamende, kumbandakanya noma yiziphi
izinkantolo ezisezingeni elifanayo neleziNkantolo Eziphakeme zaseNingizimu Afrika noma iziNkantolo Zomantshi.
[Isigatshana (c) no (e) ziguqulwe ngesigaba sesi 2 soMthetho weshumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
167. Inkantolo yoMthethosisekelo
-
INkantolo Yomthethosisekelo yakhiwe nguMongameli Wamajaji
aseNiningizimu Afrika, iPhini Likamongameli Wamajaji kanye namanye
amajaji ayisishiyagalolunye.
[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-11 soMthetho Weshumi Nanye Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
- Udaba oluphammbi kweNkantolo Yomthethosisekelo kufanele lwethanyelwe
ngamajaji ayisishiyagalombili okungenani.
- INkantolo Yomthethosisekelo –
- iyinkantolo ephakeme eRiphabhuliki; futhi
- inganquma
- ngezindaba zomthethosisekelo, kanye
- nangezinto izindaba, uma iNkantolo yoMthethosisekelo ikhipha
imvume yokulidlulisa ngesizathu sokuthi lolo daba liveza
impikiswano kwezomthetho emphakathini ngokujwayelekile
okufanele lubhekwe ileyo Nkantolo, futhi
- ithatha isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi ngabe udaba
luwudaba olungaphansi kwegunya layo.
[Isigatshana sesi (3) siguqulwe ngesigaba sesi 3 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
- YiNkantolo Yomthethosisekelo kuphela –
- enganquma ngezingxabano ezingaba khona phakathi kwezingxenye
zombuso zikazwelonke noma zesifundazwe eziphathelene nesimo
ngokomthethosisekelo, amandla noma imisebenzi yanoma yiziphi
lezo zingxenye zombuso;
- enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yimuphi
uMthethosivivinywa wephalamende noma wesifundazwe, kodwa
ingakwenza lokho kuphela ezimweni ezilindelwe esigabeni sama-79
noma se-121;
- enganquma ngezicelo ezicatshangwa esigabeni sama-80 noma se-122;
- enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yikuphi
ukuchibiyela okwenziwe kuMthethosisekelo;
- enganquma ukuthi iPhalamende noma uMongameli behlulekile ukufeza
isibopho somthethosisekelo; noma
- engaqinisekisa umthethosisekelo wesifundazwe
ngokwesigaba se-144.
-
INkantolo yoMthethosisekelo yenza isinqumo esingujuqu ngokuthi
uMthetho Wephalamende, uMthetho wesifundazwe noma isenzo
sikaMongameli siyahambisana yini nomthethosisekelo, futhi kufanele
iqinisekise ukungasebenzi kwanoma yimuphi umyalo owenziwe yiNkantolo
Enkulu Yokwedluliswa Kwamacala, yiNkantolo Ephakeme, noma yinkantolo
yezinga elifanayo, ngaphambi kokuthi lowo myalo ube namandla athile.
[Isigatshana sesi –(5) siguqulwe ngesigaba sesi 3 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
- Umthetho kazwelonke noma imitheshwana yeNkantolo Yomthethosisekelo
kufanele ivumele umuntu, uma kuzosebenzela ubulungiswa kanye
nangemvume yeNkantolo Yomthethosisekelo –
- ukuthi ase udaba ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo; noma
- ukuthi edlulisele udaba luqonde ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo
luvela kunoma iyiphi enye inkantolo.
- Udaba olumayelana nomthethosisekelo lumbandakanya noma yini
ephathelene nokuhunyushwa, ukuvikelwa nokuphoqelelwa koMthethosisekelo.
168. INkantolo Enkulu Yamajaji yokwedluliswa kwamacala
-
INkantolo Enkulu Yamajaji yokwedluliselwa kwamacala inoMongameli,
iPhini likaMongameli kanye nenani lamajaji okwedluliselwa kwamacala
elibekwe nguMthetho wePhalamende.
[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-12 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
-
Udaba oluphambi kweNkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala
kufanele lunqunywe yinani lamajaji elishiwo nguMthetho Wephalamende.
[Isigatshana sesi-(2) indawo yaso ithathwe yisigaba se-12 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
-
a. INkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala, inganquma nganoma
yiziphi izindaba ezedlulisiwe ezivela eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu
Afrika noma enkantolo esezingeni elifanayo neleNkantolo ePhakeme
yaseNingizimu Afrika, ngaphandle uma kuwudaba oluphathelene nomsebenzi
noma nokuncintisana ngaleyo ndlela olunganqunywa ngoMthetho wePhalamende.
- Inkantolo Enkulu Yokudlulisa amacala inganquma kuphela —
- ngamacala edlulisiwe;
- ngezinto eziphathelene nokwedluliswa kwamacala; kanye
- nanganoma yiluphi olunye udaba olungabhekiswa kuyo ezimweni
ezichazwe nguMthetho Wephalamende.
[Isigatshana sesi (3) siguqulwe ngesigaba sesi 4 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
169. IziNkantolo eziPhakeme zaseNingizimu Afrika
- INkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika inganquma -
- nganoma yiluphi udaba lomthethosisekelo ngaphandle kodaba –
- iNkantolo yoMthethosisekelo evumile ukululalela ngqo
ngokwemigomo yesigaba se 167(6)(a); noma
- olwabelwe enye inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo
Ephakeme yaseNingizimu Afrika; futhi
- nanganoma yiluphi olunye udaba olungabelwe enye inkantolo
nguMthetho Wephalamende.
- INkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika yakhiwe amaGatsha anqunywe
ngoMthetho wePhalamende, lowo Mthetho okufanele uhlinzekele –
- ngokusungula amaGatsha, enezihlalo esisodwa noma ezingaphezulu kwesisodwa oeGatsheni; futhi
- ukuthwesa iGatsha igunya noma isihlalo eGatshani.
- IGatsha ngalinye leNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika –
- lineJaji Elingamele;
- lingaba naPhini leJaji Elingamele elilodwa noma angaphezulu
kwelilodwa; futhi
- linelinye inani lamanye amajaji anqunywe ngokwemigomo
yomthetho kazwelonke.
[Isigaba 169 siguqulwe ngesigaba sesi 5 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2012.]
170. Ezinye izinkantolo
Zonke izinkantolo ngaphandle kwalezo ezivezwe esigabeni 167, 168, 169 zinganquma nganoma iluphi udaba olushiwo nguMthetho Wephalamende, kodwa izinkantolo ezisezingeni elingaphansi kweleNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika azivunyelwe ukucwaninga noma zibeke isinqumo ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yimuphi umthetho noma isenzo sikaMongameli.
[Isigaba 170 siguqulwe ngesigaba sesi 6 soMthetho wesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
171. Izinqubo ezilandelwa yinkantolo
Zonke izinkantolo zisebenza ngokomthetho kazwelonke, futhi imitheshwana nezinqubo ezilandelwayo zazo kufanele zihlinzekelwe ngokomthetho kazwelonke.
172. Amandla ezinkantolo ezindabeni zomthethosisekelo
- Lapho yenza isinqumo odabeni lomthethosisekelo olusemandleni ayo,
inkantolo –
- kufanele isho ukuthi noma yimuphi umthetho noma isenzo
esingahambisani nomthethosisekelo awusebenzi ngokomthetho kuye
ngezinga lokungahambisani kwalokho nomthethosisekelo; futhi
- ingenza noma yimuphi umyalo olungile nofanele, kumbandakanya –
- umyalo obeka umkhawulo wokusebenza kwesiphakamiso
sokuphambana nomthetho esikhathini esedlule; kanye
- nomyalo olengisa isiphakamiso sokuphambana nomthetho kwanoma
yisiphi isikhathi futhi nanganoma yiziphi izimo, ukuze
iziphethimandla ezifanele zilungise lelo phutha.
-
- INkantolo Enkulu yokwedluliswa kwamacala, iNkantolo Ephakeme
yaseNingizimu Afrika noma inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo
Ephakeme ingenza umyalo mayelana nokuthi uMthetho Wephalamende, uMthetho
wesifundazwe kanye nanoma yisiphi isenzo sikaMongameli, kuyahambisana
yini nomthethosisekelo, kodwa umyalo wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo awukwazi ukusebenza ngaphambi kokuthi kuqinisekiswe yiNkantolo Yomthethosisekelo.
[Indima (a) iguqulwe ngesigaba sesi 7 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2012.]
- Inkantolo ekhipha umyalo mayelana nokungahambisani nomthethosisekelo
ingenza isinqumo sesikhashana esinqanda noma esiphoqa ukuthi
kwenziwe okuthile noma inike, noma yenze esinye isinqumo
sesikhashana esingasiza othintekile odabeni, noma ingamisa
ukuqhutshwa kodaba enkantolo, kuze kuphume isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo mayelana nokubasemthethweni kwalowo Mthetho noma isenzo.
- Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukwedluliselwa komyalo
wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo
eNkantolo Yomthethosisekelo.
- Noma yimuphi umuntu noma ingxenye yombuso ethinteke ngokwanele
ingedlulisela udaba eNkantolo Yomthethosisekelo noma ifake isicelo
siqonde ngqo eNkantolo Yomthethosisekelo, ukuba iqinise noma iguqule
umyalo wokuthi okuthile kuphambene nomthethosisekelo okhishwe
yinkantolo ngokwalesi sigatshana.
173. Amandla avele akhona ezinkantolo
INkantolo Yomthethosisekelo, iNkantolo Enkulu yokwedlulisela amacala kanye neziNkantolo Eziphakeme zaseNingizimu Afrika ngayinye zinamandla avele akhona okuvikela nokulawula izinhlelo zazo, kanye nawokuthuthukisa umthetho ojwayelekile, kube kuqikelelwe izidingo zobulungiswa.
[Isigaba 173 siguqulwe ngesigaba sesi 8 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2012.]
174. Ukuqokelwa ezikhundleni kwabehluleli basezinkantolo
- Noma yimuphi umuntu wesifazane noma wesilisa ofanele futhi ongumuntu
okulungele ukuthi abe kulesi sikhundla angaqokwa
njengomehluleli wasenkantolo. Noma yimuphi umuntu ozoqokelwa
esikhundleni seNkantolo Yomthethosisekelo kufanele abeyisakhamuzi
saseNingizimu Afrika.
- Isidingo sokuthi abehluleli basezinkantolo babonise kabanzi,
ukwakheka kweNingizimu Afrika ngokobuhlanga nangokobulili kufanele
sicatshangwe uma abehluleli basezinkantolo beqokelwa ezikhundleni.
-
UMongameli, njengenhloko yabaphathi bakazwelonke, ngemuva
kokubonisana neKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa nabaholi
bamaqembu amelwe kusiGungu Sikazwelonke, uqoka uMongameli Wenkantolo
Yomthethosisekelo nePhini Likamongameli Wamajaji Enkantolo
Yomthethosisekelo futhi ngemuva kokubonisana neKhomishana
Yemisebenzi Yobulungiswa, uqoka uMongameli kanye nePhini
likaMongameli beNkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala.
[Isigatshana sesi-(3) indawo yaso ithathwe yisigaba se-13 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
- Amanye amajaji eNkantolo Yomthethosisekelo aqokwa nguMongameli
njengenhloko ephethe kuzwelonke, ngemuva kokubonisana noMongameli
Wamajaji Enkantolo Yomthethosisekelo, kanye nabaholi bamaqembu
amelwe kusiGungu Sikazwelonke elandela inqubo elandelayo:
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa, kufanele yenze uhlu
lwamagama abantu abaphakanyisiwe lube namagama amathathu ngaphezu kwaleso sibalo sabantu abafanele baqokelwe ezikhundleni, bese elunikeza uMongameli loluhla.
- UMongameli angaqokela ezikhundleni abantu abasohlwini, futhi
kufanele azise iKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ngezizathu, uma
kukhona abaphakanyisiwe abangemukelekile, futhi kusenesidingo
sokuqokelwa kwabanye ezikhundleni.
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa, kufanele linezelele uhla
ngamanye amagama aphakanyisiwe, futhi uMongameli kufanele aqoke laba
abasele ohlwini olunezezelwe.
[Isigatshana sesi-(4) indawo yaso ithathwe yisigaba se-13 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
- Ngazo zonke izikhathi, kufanele okungenani amalungu amane eNkantolo
Yomthethosisekelo kube ngabantu ababengamaJaji ngesikhathi beqokelwa
ukuba ngamaJaji Enkantolo Yomthethosisekelo.
- UMongameli kufanele aqoke amaJaji azo zonke ezinye izinkantolo,
ngokuyalelwa yiKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa.
- Abanye abehluleli basezinkantolo kufanele baqokwe ngokoMthetho
Wephalamende okufanele uqikelele ukuthi ukuqokwa kwabo,
ukukhushulelwa ezikhundleni ezithe xaxa, ukushintshelwa kwenye indawo noma ukuxoshwa emsebenzini, noma ukuqondiswa kwezigwegwe, lokhu kwenziwa ngaphandle ngokuvuna abathile noma ukukhetha abathile.
- Ngaphambi kokuthi abehluleli basezinkantolo baqale ukwenza
imisebenzi yabo kufanele bafunge noma benze isiqinisekiso
ngokulandela lokho okushiwo kuSheduli yesi-2, ukuthi bazowuphakamisa
bawuvikele uMthethosisekelo.
175. Amajaji angamabamba
- UMongameli angaqoka umuntu wesifazana noma wesilisa ukuba asebenze
njengeJaji eliyibamba lePhini leJaji elinguMongameli noma leNkantolo
Yomthethosisekelo uma kunesikhala kulawa mahhovisi, noma uma umuntu
okuleso sikhundla engekho. Ukuqokwa kweJaji kufanele kwenziwe
ngokulandela izincomo zelungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa
kwezobulungiswa ezenziwa ngokwesekwa nguMongameli weNkantolo
yoMthethosisekelo futhi ukuqokwa kwebamba lePhini leJaji elinguMongameli
kufanele kwenziwe kumazinga amajaji ayeqokwe eNkantolo yoMthethosisekelo
ngokwemigomo yesigaba 174(4).
-
Ilungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa kufanele liqoke amaJaji angamabamba kwezinye izinkantolo ngemuva kokubonisana neJaji elisesikhundleni esiphezulu kuleyo nkantolo lapho iJaji eliyibamba lizosebenza khona.
[Isigatshana 175 siguqulwe ngesigaba sesi 9 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
176. Isikhathi sokuba sesikhundleni kanye nokukhokhelwa
-
Amajaji eNkantolo Yomthethosisekelo aqokelwa isikhathi
esingenakuvuselelwa esiyiminyaka eyi-12, noma kuze kufike lapho efika
eminyakeni engama-70 yobudala, kwencike ekutheni yikuphi okufika kuqala,
ngaphandle kwalapho uMthetho Wephalamende welula isikhathi sokuba
sesikhundleni seJaji leNkantolo Yomthethosisekelo.
[Isigatshana soku-(1) indawo yaso ithathwe yisigaba se-15 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
- Amanye amajaji ahlala ezikhundleni aze ayekiswe emsebenzini
njengokusho koMthetho Wephalamende.
- Amaholo, izimali ezibonelela okuthile kanye nokusizakala
okuyingxenye yeholo lamajaji akufanele kuncishiswe.
177. Ukususwa esikhundleni
- Ijaji lingasuswa esikhundleni kuphela uma –
- iKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ithola ukuthi ijaji
lehluleka kakhulu ukuwenza ngendlela umsebenzi walo, noma
litholakale linecala elibi lokungaziphathi ngendlela efanele,
futhi
- nesiGungu Sikazwelonke uthi ijaji lelo lisuswe esikhundleni,
ngesinqumo esesekwa okungenani ngamalunga aso
amabili kwamathathu.
- UMongameli kufuneka alisuse ijaji esikhundleni ngemuva kokwamukelwa
kwesinqumo sokususwa kwalelo jaji.
- UMongameli ngokwelulekwa yiKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa,
angalimisa emsebenzini okwesikhashana ijaji elithintekayo kulezo
zinqubo ezishiwo kusigatshana soku-(1).
178. IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa Yakhiwe –
- nguMongameli Wamajaji Enkantolo Yomthethosisekelo, elengamela
imihlangano yeKhomishani;
-
nguMongameli Wenkantolo Enkulu yokwedluliselwa kwamacala;
[Indima (b) indawo yayo ithathwe yisigaba se-16(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
- iJaji eleNgamele isifundazwe elikhethwe ngamanye amaJaji eNgamele
kwezinye izifundazwe;
- Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kwezobulungiswa, noma
umuntu okhethwe yilelo lungu ukuba alimele kwiKhomishani;
- abameli ababili bezinkantolo zamajaji abasebenzayo ngaleso sikhathi
abaphakanyiswe ngabanye abameli basemaJajini ukuba bamele bonke
abameli basemajajini, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;
- abameli ababili abakhethwe ngabanye abameli bakwezinye izinkantolo,
ukuba bamele bonke laba bameli, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;
- umfundisi oyedwa wezomthetho okhethwe ngabafundisi bezomthetho
kuziyunivesi zaseNingizimu Afrika;
- amalungu esiGungu Sikazwelonke ayisithupha aqokwe yisiGungu
Sikazwelonke, okungenani abathathu kubona kufuneka kube ngamalungu
amaqembu aphikisayo amelwe kusiGungu:
- amalungu amane oMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke aqokwe kanyekanye
nguMkhandlu ngevoti lisekwe okungenani yizifunda eziyisithupha;
- amalungu amane aqokwe nguMongameli njengenhloko ephethe kaZwelonke
ngemuva kokubonisana nabaholi bamaqembu wonke kusiGungu
Sikazwelonke; kanye
-
nalapho kucutshungulwa izindaba eziqondene neGatsha leNkantolo
ethile ePhakeme eNingizimu Afrika iJaji Elengamele lelo Gatsha
noNdunakulu waleso sifundazwe noma umuntu okhethwe nguNdunankulu
waleso sifundazwe.
[Indima (k) indawo yayo ithathwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998 kanye nayisigaba se 16(b) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001 futhi kanye nangesigaba 10 soMthetho weShumi nesikhombisa oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2012.]
- Uma inani labantu abaphakanyiswe ngabameli basemajajini nabanye
abameli ngokwesigatshana soku-(1)(e) noma (f) lilingana nezikhala
okufanele zigcwaliswe, uMongameli wezwe kufanele
abaqokele ezikhundleni. Uma inani labantu abaphakanyisiwe leqile
enanini lezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli kufanele aqoke
abantu abaphakanyisiwe abalingana izikhala ngemuva kokubonisana
nalowo mkhakha wabameli othintekayo, futhi kufanele aqikelele ukuthi
laba abaqokwayo bawumele lowo mkhakha wabameli jikelele.
- Amalungu eKhomishani akhethwe uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke
asebenza aze ashintshwe ewonke, noma kuze kuvele isikhala kuwona.
Abanye abangamalungu eKhomishani basebenza kuyona baze bahoxiswe
yilaba ababebaphakamisile.
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa inamandla nemisebenzi enikezwe
yona nguMthethosisekelo nomthetho kazwelonke.
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ingaluleka uhulumeni kazwelonke
kunoma yiluphi udaba oluhambisana nobulungiswa noma nokuphathwa
komthetho kodwa, uma icubungula noma yiluphi udaba ngaphandle
kokuqokwa kweJaji, kufuneka ihlangane ngaphandle kwamalungu aqokwe
njengokusho kwesigatshana soku-(1) (h) no-(i).
- IKhomishani Yemisebenzi Yobulungiswa ingamisa izinqubo zayo, kodwa
izinqumo zeKhomishana kufuneka zesekwe yiningi lamalungu ayo.
-
IJaji Elikhulu noma uMongameli Wenkantolo Enkulu Yokwedluliselwa
Kwamacala angakwazi ukusebenza kuKhomishani okwesikhashana, iPhini
Lejaji Elikhulu noma iPhini Likamongameli Wenkantolo Enkulu
Yokwedluliselwa Kwamacala, kulokho okuzobe kwenzeka, lizosebenza
njengozolimela kuKhomishani.
[Isigatshana sesi-(7) singezwe yisigaba sesi-2(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-1998 futhi indawo yaso ithathwe sisigaba se-16(c) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-2001.]
-
Umongameli kanye nabantu abaqoka, baphakamise noma bakhombe amalungu
eKhomishani ngokwesigaba soku-(1) (c), (e), (f) noma (g), ngendlela
efanayo bangaqoka, baphakamise noma bakhombe omunye ongangena
esikhundleni selungu ngalinye, ukuba asebenze kuKhomishani njalo
lapho ilungu elithenkile lingakwazi ukwenza njalo ngenxa yesizathu
sokwehluleka noma sokungabikho eRiphabhuliki noma ngenxa yanoma
yisiphi esinye isizathu esanele.
[Isigatshana sesi-(8) singezwe yisigaba sesi-2(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we-1998.]
179. IsiPhathimandla sezokushushisa
- Kukhona isigungu sezokushushisa esisodwa eRiphabhuliki esimiswe
ngokoMthetho Kazwelonke, futhi esakhiwe yilaba –
- uMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, oyinhloko
yesigungu sezokushushisa, futhi uqokwa nguMongameli njengenhloko kazwelonke ephethe, kanye
- nabaQondisi Bezokushushiswa Komphakathi ababekwe
nguMthetho Wephalamende.
- Isiphathimandla sezokushushisa sinamandla okushushisa egameni
lombuso, nelokwenza noma yikuphi okuhambisana nokushushisa ukuze
amacala athethiwe ezinkantolo.
- Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi abaQondisi
Bezokushushiswa Komphakathi –
- banemfundo elungele leso sikhundla; futhi
- babhekana nokushushisa ezindaweni ezithile ezigaguliwe ngaphansi
kwesigatshana sesi-(5).
- Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi isiphathimandla
sezokushushisa senza umsebenzi waso ngaphandle kokwesaba,
ukwenzelela nokukhetha abanye.
- UMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi –
- kufanele, ngokuvumelana nelungu leKhabhinethi elibhekene
nokuphathwa kwezobulungiswa, futhi nangemuva kokubonisana
nabaQondisi Bezokushushiswa Komphakathi, amise imigomo
yokushushisa okufanele ilandelwe uma kushushiswa;
- kufanele akhiphe imiyalo ecacisa imigomo okufanele ilandelwe uma
kushushiswa;
- angangenelela ohlelweni lokushushisa uma ngabe imiyalo yemigomo
ingalandelwanga; futhi
- angasihlolisisa kabusha isinqumo sokuthi udaba lushushiswe noma
lungashushiswa, ngemuva kokubonisana noMqondisi Wezokushushiswa
Komphakathi ofanele futhi ngemuva kokuzwa izethulo esikhathini
esibekwe nguMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi,
ezivela:
- Kumuntu obekwe icala.
- Kummangali.
- Kunoma yimuphi omunye umuntu noma iqembu uMqondisi
Kazwelonke Wokushushiswa Komphakathi athatha
ukuthi lithintekile.
- Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kobulungiswa kufanele
libe nokwengamela okungumnqamula juqu ngaphezu
kwesiphathimandla sezokushushisa.
- Zonke ezinye izindaba eziphathelene nesiphathimandla sezokushushisa
kufanele zinqunywe ngumthetho kazwelonke.
180. Ezinye izindaba ezimayelana nokuphathwa kwezobulungiswa
- Umthetho kazwelonke ungahlinzekela noma yiluphi udaba olumayelana
nokuphathwa kwezobulungiswa olungadingidwanga kuMthethosisekelo,
kumbandakanya –
- izinhlelo zokuqeqesha abengameli basezinkantolo;
- izinqubo ezilandelwayo zokubhekana nezikhalo ezithinta
abengameli basezinkantolo; kanye
- nokubamba iqhaza kwabantu abangebona abengameli bezinkantolo
ekuthathweni kwezinqumo zenkantolo.