[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe isigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibyela uMthethosisekelo wezi 2003 yaphinde yathathwa yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]
Imingcele yezifunda ihlanganisa inani laleyo migcele yezifundazwe eziveziwe kumabalazwe ahlukene ashiwo kuSaziso esibalulwe kuSheduli yoku 1A.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]
[Isigaba se 103 indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]
[Isigatshana soku (1) sichitshiyelwe yisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003 futhi nayisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2008.]
[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi oChibiyela uMthetho- sisekelo kanye nayisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2008.]
Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa ngokwesigaba se 109, noma lapho isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesifundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele ahlele futhi abeke izinsuku zokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama 90 isishayamthetho sahlakazwa, noma kwaphela isikhathi sokusebenza kwaso. Isimemezelo esibiza nesibeka izinsuku zokhetho singakhishwa ngaphambi noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesishayamthetho sesifundazwe.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho wesiNe oChibiyela uMthetho- sisekelo we 1999.]
Ngemuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku olunqunywe yijaji eliqokwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku eziyi 14 ngemuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho. Isishayamthetho sesifundazwe singanquma isikhathi nobude bemihlangano eminye yaso kanye nezikhathi zaso zekhefu.
[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 8 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele ukukhethwa kukaSomlomo. USomlomo wengamela ukukhethwa kwePhini likaSomlomo.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
UMthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa isishayamthetho sesifundazwe esingachibiyela ngayo uMthethosivivinywa wemali.
[Isigaba se 120 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi-2001.]
UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele angamele ukhetho lukaNdunankulu. Inqubo elandelwayo ebekwe eNgxenyeni A kuSheduli yesi-3 iyasebenza ekukhethweni kukaNdunankulu.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakedluli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokuvela kwesikhala.
[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
Umthetho kazwelonke unganquma indlela okuzosetshenziswa ngayo lesi sigaba, kumbandakanya nezinqubo ezisungulwe yilesi sigaba.
[Isigaba se 139 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]